25 “Imihla yami iyashesha kunesigijimi;iyabaleka ingabonanga okuhle.
26 Itshuza njengomkhunjana womhlanga,njengokhozi olutheleka empangweni.
27 Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami,ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,
28 ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami,ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.
29 Ngiyakulahlwa mina;ngikhandlekelani ize na?
30 Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa,ngihlambe izandla zami ngensipho,
31 uyakungicwilisa nokho emgodini,izingubo zami zinengwe yimi.