6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,kuthuthumele izinsika zawo;
7 oyala ilanga lingaphumi,avalele izinkanyezi;
8 oweneka izulu yedwa,ahambe emazeni olwandle;
9 owenza iBhere,* neMpambano,nesiLimela,namaKamelo aseningizimu;*
10 owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa,yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11 Bheka, uyangidlula, ngingaboni;uyagudla, ngingezwa.
12 Bheka, uyabamba;ngubani ongamkhalima na?Ngubani ongasho kuye ukuthi:‘Wenzani na?’