9 owenza iBhere,* neMpambano,nesiLimela,namaKamelo aseningizimu;*
10 owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa,yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11 Bheka, uyangidlula, ngingaboni;uyagudla, ngingezwa.
12 Bheka, uyabamba;ngubani ongamkhalima na?Ngubani ongasho kuye ukuthi:‘Wenzani na?’
13 “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe;phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.
14 Pho, mina ngingamphendula ngithini,ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?
15 Noma bengilungile,bengingenakumphendula,kepha nginxuse umahluleli wami.