13 Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu;impepho iyisinengiso kimi;ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlanganoangivumi ububi kanye nemikhosi.
14 Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyokuyazondwa ngumphefumulo wami;kungumthwalo phezu kwami,ngikhathele ngukukuthwala.
15 Lapho nelula izandla zenu,ngiyakufihla kini amehlo ami;yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa;izandla zenu zigcwele igazi.
16 Gezani, nihlanzeke,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi.
17 Fundani ukwenza okuhle,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane,nimele umfelokazi.
18 “Wozani-ke, sithethe indaba,”usho uJehova;“noma izono zenu zibomvu kakhulu,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengokububende,ziyakuba njengoboya bezimvu.
19 Uma nivuma, nilalela,niyakudla okuhle kwezwe;