16 Gezani, nihlanzeke,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi.
17 Fundani ukwenza okuhle,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane,nimele umfelokazi.
18 “Wozani-ke, sithethe indaba,”usho uJehova;“noma izono zenu zibomvu kakhulu,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengokububende,ziyakuba njengoboya bezimvu.
19 Uma nivuma, nilalela,niyakudla okuhle kwezwe;
20 kepha uma nala, nihlubuka,niyakudliwa yinkemba,”ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
21 Yeka umuzi othembekileyo waphenduka,waba yisifebe,wena owawugcwele ukwahlulela!Ukulunga kwakuhlezi khona,kepha manje ababulali.
22 Isiliva lakho seliphendukile amanyela;iwayini lakho lixubene namanzi.