18 “Wozani-ke, sithethe indaba,”usho uJehova;“noma izono zenu zibomvu kakhulu,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengokububende,ziyakuba njengoboya bezimvu.
19 Uma nivuma, nilalela,niyakudla okuhle kwezwe;
20 kepha uma nala, nihlubuka,niyakudliwa yinkemba,”ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
21 Yeka umuzi othembekileyo waphenduka,waba yisifebe,wena owawugcwele ukwahlulela!Ukulunga kwakuhlezi khona,kepha manje ababulali.
22 Isiliva lakho seliphendukile amanyela;iwayini lakho lixubene namanzi.
23 Izikhulu zakho ziyizihlubukinabangane bamasela;bonke bathanda izipho, balandela imivuzo;abahluleli izintandane,nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.
24 Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti,uMninimandla ka-Israyeli:“E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami,ngiziphindisele ezitheni zami,