24 Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti,uMninimandla ka-Israyeli:“E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami,ngiziphindisele ezitheni zami,
25 ngibuyisele isandla sami kuwe,ngicwengisise impela amanyela akho,ngisuse lonke ithini* lakho,
26 ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala,nabeluleki bakho njengasekuqaleni,andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga,uMuzi Othembekileyo.”
27 ISiyoni liyakuhlengwa ngokwahlulelanabaphendukayo kulo ngokulunga.
28 Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye,nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa.
29 “Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo,niyangaze ngamasimu enawakhethayo.
30 Ngokuba niyakuba njenge-oki*elimaqabunga alo abunile,nanjengensimu engenamanzi.