5 Ningabe nisashaywa kuphi,nisaqhubeka ukwambuka, na?Lonke ikhanda liyagula,nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.
6 Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhandaakukho okuphelele, ngamanxeba nje,nemivimbo, nemidwa emisha;akukhanywanga ubovu, akuboshwanga,akuthanjiswanga ngamafutha.
7 Izwe lakini liyihlane,imizi yenu ishisiwe ngomlilo,umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu,kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.
8 Indodakazi yaseSiyoni isele njengexhiba esivinini,nanjengedladla ensimini yamaselwa,nanjengomuzi ovinjezelweyo.
9 Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali,besiyakuba njengeSodoma,sifane neGomora.
10 Yizwani izwi likaJehovanina babusi baseSodoma,nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethunina bantu baseGomora.
11 “Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?”usho uJehova;“ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqamanangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo;negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongoangithokozi ngalo.