16 Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthumaukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisanjengokushisa komlilo.
17 Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo,oNgcwele wakhe abe yilangabi;kuyakushisa kuqede ameva akhenamakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
18 Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,umzimba nomphefumulo,kube njengesiguli esinyamalalayo.
19 Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,ukuze ibhalwe ngumntwana.
20 Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyelinabasindileyo bendlu kaJakobebangasenciki kobashayileyo,kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.
21 Insali iyakubuya, insali kaJakobe,ibuyele kuNkulunkulu onamandla.
22 Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,bengangesihlabathi solwandle,kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.