18 Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,umzimba nomphefumulo,kube njengesiguli esinyamalalayo.
19 Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,ukuze ibhalwe ngumntwana.
20 Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyelinabasindileyo bendlu kaJakobebangasenciki kobashayileyo,kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.
21 Insali iyakubuya, insali kaJakobe,ibuyele kuNkulunkulu onamandla.
22 Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,bengangesihlabathi solwandle,kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.
23 Ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiiyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyophakathi kwawo wonke umhlaba.
24 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“We bantu bami, enakhe eSiyoni,ningalesabi i-Asiriya,lapho likushaya ngentonga yalo,liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.