2 ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,ukuze abafelokazi babe yimpango yabo,baqhwage izintandane.
3 Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwanasekuchithakaleni okuvela kude na?Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
4 Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,niyakuwa phakathi kwababuleweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.
5 “Wo kulo i-Asiriya,intonga yentukuthelo yami,nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.
6 Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yamiukuba liphange impango, liqhwage,libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.
7 Nokho akusiwo umqondo walo,inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,kepha kusenhliziyweni yalo ukuchithanokunquma izizwe ezingeyingcosana.
8 Ngokuba lithi:‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?