21 Insali iyakubuya, insali kaJakobe,ibuyele kuNkulunkulu onamandla.
22 Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,bengangesihlabathi solwandle,kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.
23 Ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiiyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyophakathi kwawo wonke umhlaba.
24 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“We bantu bami, enakhe eSiyoni,ningalesabi i-Asiriya,lapho likushaya ngentonga yalo,liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.
25 Ngokuba kusezakuba yisikhashana njekuze kuphele ukufutheka kwami,intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”
26 UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhunjengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi,nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle,ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.
27 Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo waloususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho.Liyakhuphuka eRimoni,