9 IKalino alinjengeKharikemishi na?IHamati alinjenge-Aripadi na?ISamariya alinjengeDamaseku na?
10 Njengalokhu isandla samisiyitholile imibuso yezithombeezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlulaeyaseJerusalema neyaseSamariya,
11 anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”
12 Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.
13 Ngokuba uthi:“Ngamandla esandla sami ngikwenzile,nangokuhlakanipha kwami,ngokuba nginokuqonda;ngisusile imikhawulo yezizwe,ngiphangile ingcebo yazo,njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.
14 Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyongibuthile wonke umhlaba,akwababikho oshaya phiko,novula mlomo, notshiyozayo.”
15 Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?