7 Inkomo nebhere* kuyakuklaba,amazinyane akho abuthise ndawonye,ingonyama idle utshani njengenkabi.
8 Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu,olunyuliweyo elulele isandla sakheesiseleni sikamantshingeyana.
9 Abayikwenza okubi,bangachithi entabeni yonke yami engcwele,ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehovanjengamanzi asibekela ulwandle.
10 Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.
11 Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.
12 Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,*ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli,iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.
13 Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka,nabacindezela uJuda bayakunqunywa;u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda,noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.