10 Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazoakuyikukhanya;ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo,nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.
11 Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo,nababi ngezono zabo,ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo,ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.
12 Ngiyakwenza umuntu abe yigugu kunegolide elihle,yebo, umuntukazana kunegolide elicwengekileyo.
13 Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu,umhlaba unyakaziswe endaweni yawo,ngentukuthelo kaJehova Sebawotingosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.
14 Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu,baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo,babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.
15 Bonke abatholwayo bayakugwazwa,nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.
16 Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo,izindlu zabo ziphangwe,omkabo baphoqwe.