17 Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva,negolide angathokozi ngalo.
18 Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo;abayikuhawukela isithelo esisesizalweni,amehlo abo angabi nasihe kubantwana.
19 IBabele, umhlobiso wemibuso,isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi,liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.
20 Alisoze labuye lakhiwa,akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane;umArabiya akayikumisa khona,nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.
21 Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona,nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova;kuyakuhlala lapho izintshe,namademoni ayakungqabashiya khona.
22 Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo,namakhanka ezindlini zamakhosi;siseduze ukufika isikhathi salo,nezinsuku zalo aziyikwandiswa.