3 Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami,yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami,bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.
4 Umsindo wesixuku ezintabenikungathi ngowabantu abaningi!Umsindo wokuxokozela kwemibusoyabezizwe ihlangene!UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.
5 Bavela ezweni elikudenasekugcineni kwezuluuJehova nezikhali zentukuthelo yakhe,ukuba bachithe umhlaba wonke.
6 Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele;njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
7 Ngalokho izandla zonke ziyadangala,nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.
8 Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu,bazibinya njengababelethayo.Babhekana omunye nomunye bemangala.Ubuso babo bungubuso bamalangabi.
9 Bheka, usuku lukaJehova luyeza,lunonya, lunokufutheka,lunokuvutha kolaka,ukuba lwenz'ize umhlaba,luchithe izoni zawo kuwo.