5 Bavela ezweni elikudenasekugcineni kwezuluuJehova nezikhali zentukuthelo yakhe,ukuba bachithe umhlaba wonke.
6 Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele;njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
7 Ngalokho izandla zonke ziyadangala,nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.
8 Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu,bazibinya njengababelethayo.Babhekana omunye nomunye bemangala.Ubuso babo bungubuso bamalangabi.
9 Bheka, usuku lukaJehova luyeza,lunonya, lunokufutheka,lunokuvutha kolaka,ukuba lwenz'ize umhlaba,luchithe izoni zawo kuwo.
10 Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazoakuyikukhanya;ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo,nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.
11 Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo,nababi ngezono zabo,ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo,ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.