18 Onke amakhosi ezizwe,onke alala ngodumo,yileyo naleyo endlini yayo.
19 Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakhonjengegatsha elinengekayo,ligqokwe ngababuleweyo,abahlatshwe yinkemba,abehlela ematsheni omgodinjengesidumbu esinyathelweyo.
20 Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni,ngokuba uchithile izwe lakho,wabulala abantu bakho;inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.
21 Lungiselani abantwana bakhe ukubulawangobubi bawoyise,ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba,bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”
22 “Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti,“nginqume eBabele igama, nensali,nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.
23 “Ngiyakulenza libe yifa likanondwebunamachibi amanzi,ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,”usho uJehova Sebawoti.
24 UJehova Sebawoti ufungile, wathi:“Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo,nanjengokunquma kwamikuyakuma kanjalo