2 Abantu bayakubathatha,babayise ezindaweni zabo;indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova,babe yizinceku nezincekukazi,babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo,babuse phezu kwabacindezeli babo.
3 Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,
4 uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi:“Yeka ukuphela komcindezelinokugcina kokubhensa!
5 UJehova waphulile udondolo lwababinentonga yababusi
6 eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo,eyabusa izizwe ngolakangokuzingela okunganqandwanga.
7 Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula;baqhumuka ngokuhlabelela.
8 Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe,kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi:‘Selokhu walaliswa phansi,akakho umgawuli okhuphukela kithina.’