24 UJehova Sebawoti ufungile, wathi:“Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo,nanjengokunquma kwamikuyakuma kanjalo
25 ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami,ngimnyathele phansi ezintabeni zami;bese lisuka kubo ijoka lakhe,nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”
26 Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke;yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.
27 Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile;ngubani ongakuchitha na?Isandla sakhe singeseluliweyo;ngubani ongasibuyisa na?
28 Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.
29 Ungathokozi wena Filistiya lonkengokuthi intonga ekushayileyo yaphukile,ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu,nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.
30 Amazibulo abampofu ayakuklaba,nabaswelayo bayakulala belondekile;ngiyakubulala impande yakho ngendlala,nensali yakho iyakubhujiswa.