4 uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi:“Yeka ukuphela komcindezelinokugcina kokubhensa!
5 UJehova waphulile udondolo lwababinentonga yababusi
6 eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo,eyabusa izizwe ngolakangokuzingela okunganqandwanga.
7 Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula;baqhumuka ngokuhlabelela.
8 Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe,kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi:‘Selokhu walaliswa phansi,akakho umgawuli okhuphukela kithina.’
9 Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiweukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho,ikuvusele izithunzi,zonke izikhulu zomhlaba,isukumise onke amakhosi ezizweezihlalweni zawo zobukhosi.
10 Onke ayakuthatha athi kuwe:Nawe usubuthakathaka njengathi,usufana nathi, na?