2 Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo,njengamaphuphu ahlakazekileyo,abe njalo amadodakazi akwaMowabiemazibukweni ase-Arinoni.
3 “Lulekanani, nenze izinqumo,ubeke isithunzi sakho njengobusukuphakathi kwemini,nithukuse abaxoshiweyo,ningadaluli ababalekileyo.
4 Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.”Lapho umcindezeli esephelile,nokuchitha sekuyekiwe,nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
5 kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,kuhlale kuso ngeqinisoetendeni likaDavideumahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
6 Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabiukuthi uphakeme kakhulu,nangokuzidla kwakhenokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhenokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
7 Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;bonke bayakuklewula.Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomviniezomileyo zaseKhiri Hareshetinidabukile kakhulu.
8 Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunilekanye nomvini waseSibima;amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;amahlumela awo elulwa,awela ulwandle.