4 Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.”Lapho umcindezeli esephelile,nokuchitha sekuyekiwe,nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
5 kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,kuhlale kuso ngeqinisoetendeni likaDavideumahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
6 Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabiukuthi uphakeme kakhulu,nangokuzidla kwakhenokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhenokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
7 Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;bonke bayakuklewula.Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomviniezomileyo zaseKhiri Hareshetinidabukile kakhulu.
8 Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunilekanye nomvini waseSibima;amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;amahlumela awo elulwa,awela ulwandle.
9 Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibimanjengokukhala kweJazeri,ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,nawe Elehale,ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakhokuwile ukumemeza kwempi.
10 Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;ngenze ukuba kuphele ukumemeza.