5 Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele aseminengalo yakhe evuna izikhwebu,kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.
6 Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo:izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu,ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,”usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
7 Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo,namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.
8 Abayikubheka ama-altare abo,umsebenzi wezandla zabo,bangabuki okwenziwe yiminwe yabo,o-Ashera* nama-altare empepho.
9 Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.
10 Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho,awukhumbulanga idwala lamandla akho;ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi,uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
11 ngosuku lokutshala kwakho,lapho ubiyela,nangokusa kokuhlwanyela kwakho,lapho wenza ukuba kuqhakaze,ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizinolobuhlungu obungenakupholiswa.