6 Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo:izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu,ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,”usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
7 Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo,namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.
8 Abayikubheka ama-altare abo,umsebenzi wezandla zabo,bangabuki okwenziwe yiminwe yabo,o-Ashera* nama-altare empepho.
9 Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.
10 Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho,awukhumbulanga idwala lamandla akho;ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi,uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
11 ngosuku lokutshala kwakho,lapho ubiyela,nangokusa kokuhlwanyela kwakho,lapho wenza ukuba kuqhakaze,ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizinolobuhlungu obungenakupholiswa.
12 Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningiezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle,nomsindo wokuxokozela kwabezizweabaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.