1 Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphikoeliphesheya komfula waseKushe,
2 elithuma izigijimi ngolwandlenangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi.Hambani nina zithunywa ezinejubane,niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo,kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,esilizwe laso lidatshulwe yimifula.
3 Nonke nina enakhileyo ezweninani nonke enihlezi emhlabenibhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni;zwanini, lapho icilongo libethwa.
4 Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi:“Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami,njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga,njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”
5 Ngokuba kungakafiki ukuvuna,nokukhahlela sekuphelile,nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo,uyakunquma amahlumela ngawocelemba,awasike amagatsha, awasuse.
6 Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeninawezilwane zasemhlabeni;amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo,nazo zonke izilwane zomhlabaziyakuhlala ebusika phezu kwawo.