3 Nonke nina enakhileyo ezweninani nonke enihlezi emhlabenibhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni;zwanini, lapho icilongo libethwa.
4 Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi:“Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami,njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga,njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”
5 Ngokuba kungakafiki ukuvuna,nokukhahlela sekuphelile,nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo,uyakunquma amahlumela ngawocelemba,awasike amagatsha, awasuse.
6 Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeninawezilwane zasemhlabeni;amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo,nazo zonke izilwane zomhlabaziyakuhlala ebusika phezu kwawo.
7 Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawotiyibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo,sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,esilizwe laso lidatshulwe yimifula,endaweni yegama likaJehova Sebawoti,intaba yaseSiyoni.