14 UJehova uthulule umoya ophambeneyo phakathi kwabo,baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yalonjengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.
15 IGibithe aliyikuba namsebenzioyakwenziwa yikhanda nomsila,negatsha lesundu nomhlanga.
16 Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.
17 Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.
18 Ngalolo suku kuyakuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani, ifunge uJehova Sebawoti; omunye uyakuthiwa uMuzi Welanga.
19 Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.
20 Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.