3 Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo;ngiyakuchitha amasu alo;bayakufuna onkulunkulu,nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.
4 Ngiyakubanikeza abaseGibitheesandleni senkosi elukhuni,nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo,”isho iNkosi uJehova Sebawoti.
5 Amanzi ayakuphela elwandle,umfula wome, ushe.
6 Imifula iyakunuka,imifudlana yaseGibithe iyakuncipha, yome,kubune umhlanga nebungu.
7 Kuyakuba khona uqwathule ngaseNayile,ngasogwini lweNayile,nakho konke okutshaliwe ngaseNayile kuyakoma,kuhlakazwe, kungabe kusababikho.
8 Abadobi bayakukhala, balile,bonke abaphonsa udobo eNayile;nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.
9 Bayakujabha abasebenza ngefilakisi* eliklayiweyokanye nabaluki belineni.