9 Bayakujabha abasebenza ngefilakisi* eliklayiweyokanye nabaluki belineni.
10 Izisekelo zalo ziyakwaphulwa,bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.
11 Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela,nesiluleko sabalulekiabahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula;ningasho kanjani kuFaro ukuthi:“Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo,ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?
12 Pho, baphi abahlakaniphileyo bakho na?Mabakutshele, bakwaziselokhu akucebile uJehova Sebawoti ngeGibithe.
13 Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula,izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe;balidukisile iGibitheabangamatshe amagumbi ezizwe zalo.
14 UJehova uthulule umoya ophambeneyo phakathi kwabo,baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yalonjengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.
15 IGibithe aliyikuba namsebenzioyakwenziwa yikhanda nomsila,negatsha lesundu nomhlanga.