1 Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.
2 Kuyakuthi ngezinsuku ezizayointaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba,iphakame kunamagquma,nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.
3 Abantu abaningi bayakuhamba, bathi:“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehovaendlini kaNkulunkulu kaJakobe;uyakusifundisa izindlela zakhe,sihambe emikhondweni yakhe,”ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,nezwi likaJehova eJerusalema.
4 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,anqume phakathi kwabantu abaningi;bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,nemikhonto yabo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafunda ukulwa.
5 Wena ndlu kaJakobe,woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.
6 Ngokuba ushiyile abantu bakho,indlu kaJakobe,lokhu begcwele ezasempumalanga,behlola imihlola njengamaFilisti,bexhawulana nabantwana babezizwe.
7 Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,akukho ukuphela kwengcebo yabo;izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi,nokuphela kwezinqola akukho.