1 Isiprofetho ngesiGodi Sombono.Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonkeophahleni lwezindlu
2 wena muzi ogcwele ukumemeza,oxokozelayo,muzi othokozayo, na?Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,kabafelanga empini.
3 Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye,zaboshwa ngaphandle kweminsalo;zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye,noma zazibalekele kude.
4 Ngalokho ngathi:“Ningangibheki,ngiyakukhala ngomunyu;ningazami ukungiduduzangenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”
5 Ngokuba kulusuku lokukhathazeka,nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka,oluvela eNkosini uJehova SebawotiesiGodini Sombonokanye nokudilizwa kwezingangenokumemeza ezintabeni.
6 I-Elamu lathwala isambophakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi,neKhiri lambula isihlangu.
7 Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyozagcwala izinqola,nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.