12 Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawotiyabizela ukukhala, nokulila,nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,
13 kepha bheka,nakhu ukujabula, nokuthokoza,nokubulala izinkabi,nokuhlaba izimvu,ukudla inyama nokuphuza iwayini,ngokuthi: “Masidle, siphuze,ngokuba ngomuso sizakufa.”
14 Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
15 Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:
16 ‘Wenzani lapha,futhi unobani laphaukuba uziqophele lapha ithuna na?Uziqophela ithuna lakhe phezulu,uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’
17 “Bheka, uJehova uyakukulahlanjengalokhu umuntu elahla,abambe nokubamba.
18 Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo,akulahle njengegabade ezweni elibanzi.Uyakufela khona,lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakhowena hlazo lendlu yenkosi yakho.