8 Wasisusa isimbozo kwaJuda;wena wabheka ngalolo sukuizikhali zasendlini yehlathi.
9 Nabona imifantu emzini kaDavideukuthi yayiminingi,nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.
10 Nazibala izindlu zaseJerusalema,nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.
11 Futhi nenzela amanzi echibi elidalaumgodi phakathi kwezingange zombili,kepha anibhekanga kumenzi walokho,animnakanga okade wakunquma.
12 Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawotiyabizela ukukhala, nokulila,nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,
13 kepha bheka,nakhu ukujabula, nokuthokoza,nokubulala izinkabi,nokuhlaba izimvu,ukudla inyama nokuphuza iwayini,ngokuthi: “Masidle, siphuze,ngokuba ngomuso sizakufa.”
14 Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.