1 Isiprofetho ngeTire.Klewulani nina,Mikhumbi yaseTharishishi,ngokuba lichithekile;indlu ayisekho,nokungena akusenakwenzeka;kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.
2 Thulani nina enakhileyo ngasogwini,nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisilebedabula elwandle.
3 Emanzini amaningi imbewu yaseSihorinokuvuna kweNayilekwakuyinzuzo yalo;laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.
4 Yiba namahloni wena Sidoni,ngokuba lukhulumile ulwandle,inqaba yolwandle, ngokuthi:“Angibanga namihelo, angizalanga,angikhulisanga izinsizwa,angondlanga izintombi.”
5 Lapho kubikwa eGibithe,bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.
6 Welani niye eTharishishi;klewulani nina enakhileyo ngasogwini.
7 Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo,ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo,owayiswa kude yizinyawo zawoukuba uhlale khona, na?