4 Yiba namahloni wena Sidoni,ngokuba lukhulumile ulwandle,inqaba yolwandle, ngokuthi:“Angibanga namihelo, angizalanga,angikhulisanga izinsizwa,angondlanga izintombi.”
5 Lapho kubikwa eGibithe,bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.
6 Welani niye eTharishishi;klewulani nina enakhileyo ngasogwini.
7 Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo,ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo,owayiswa kude yizinyawo zawoukuba uhlale khona, na?
8 Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo,elibathengi balo bayizikhulu,nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?
9 NguJehova Sebawoti okucebileyoukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi,badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
10 Dabula izwe lakho njengeNayile,ndodakazi yaseTharishishi;akusekho bhande.*