9 NguJehova Sebawoti okucebileyoukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi,badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
10 Dabula izwe lakho njengeNayile,ndodakazi yaseTharishishi;akusekho bhande.*
11 Welulile isandla sakhe phezu kolwandle,wazamazamisa imibuso;uJehova uyalezile ngeKhananiukuba kuchithwe izinqaba zalo.
12 Wathi: “Awusayikujabulawena ntombi ehlazisiweyo,ndodakazi yaseSidoni;vuka, uwelele eKitimi;nalapho awuyikuthola ukuphumula.”
13 Bheka, izwe lamaKaledi,leso sizwe esingasekho,esanqunyelwa yi-Asiriya izilwane zasehlane,limisa imibhoshongo,lizenza ize izindlu zaso zamakhosi,lenza laba yincithakalo.
14 Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi,ngokuba inqaba yenu ichithekile.
15 Kuyakuthi ngalolo suku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye. Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa kuyakuba khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe: