4 Umhlaba uyalila, ubune;izwe liyaphela amandla, linyamalale,abaphakemeyo bomhlaba badangale.
5 Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo,ngokuba beqile imithetho,badlulile ezimisweni,baphulile isivumelwano esiphakade.
6 Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,nabakhileyo kuwo batholiswa icala;ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,kusale abantu abayingcosana nje.
7 Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
8 Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
9 Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10 Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.