6 Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,nabakhileyo kuwo batholiswa icala;ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,kusale abantu abayingcosana nje.
7 Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
8 Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
9 Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10 Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.
11 Kukhalwa ngewayini ezitaladini;yonke intokozo inyamalele;injabulo yezwe idlulile.
12 Emzini kusele incithakalo;isango livithiziwe, lachithwa.