8 Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
9 Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10 Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.
11 Kukhalwa ngewayini ezitaladini;yonke intokozo inyamalele;injabulo yezwe idlulile.
12 Emzini kusele incithakalo;isango livithiziwe, lachithwa.
13 Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu,njengokushaywa kweminqumonanjengokukhothoza,lapho sekuvuniwe.
14 Laba bayaphakamisa izwi labo, bamemeze;bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.