2 Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba,nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo;indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi,ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.
3 Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa,imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.
4 Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu,inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo,isiphephelo esivunguvungwini,umthunzi ekubaleleni,ngokuba umoya waba nonya,unjengesivunguvungu odongeni,
5 nanjengokushisa endaweni eyomileyo.Uyathobisa umsindo wabafokazi;njengokubalela ngomthunzi wefu,kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.
6 UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonkeidili lokukhulupheleyo kule ntaba,idili lewayini elinenhlese,okukhulupheleyo okunomnkantsha,iwayini elinenhlese elicwengekileyo.
7 Uyakuchitha kule ntaba ingaphandlelesimbozo esimboza abantu bonke,nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.
8 Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade;iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke,isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke,ngokuba uJehova ukhulumile.