1 Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi:Umuzi onamandla sinawo;uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.
2 Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyoesigcina iqiniso singene.
3 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe.
4 Thembani kuJehova kuze kube phakade,ngokuba uJehova,yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.