13 Jehova Nkulunkulu wethu,amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile,kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.
14 Abafileyo ababuyi baphile,izithunzi azibuyi zivuke;ngalokho wabahambela, wabachitha,wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.
15 Wandisa isizwe, Jehova,wandisa isizwe, wadunyiswa,wavula yonke imikhawulo yezwe.
16 Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela,bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.
17 Njengokhulelweyo osondelaukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu,saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.
18 Sasikhulelwe, sasinobuhlungu,sabeletha kungathi umoya nje;asenzanga insindiso emhlabeni,nabayakwakha ezweni abasazalwa.
19 Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile,izidumbu zabo zivuke.Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini,ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya,nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.