17 Njengokhulelweyo osondelaukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu,saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.
18 Sasikhulelwe, sasinobuhlungu,sabeletha kungathi umoya nje;asenzanga insindiso emhlabeni,nabayakwakha ezweni abasazalwa.
19 Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile,izidumbu zabo zivuke.Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini,ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya,nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.
20 Wozani, bantu bami,ningene emakamelweni enu,nizivalele iminyango,nicashe ngokuphazima kweso,kuze kudlule ulaka.
21 Ngokuba bhekani,uJehova uyaphuma endaweni yakheukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni;umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo,ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.