5 Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu,umuzi ophakemeyo;uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini,awusondeze nasothulini.
6 Unyawo luyakuwunyathela phansi,izinyawo zabaswelayo,izinyathelo zabampofu.
7 Indlela yabalungileyo iqondile,umkhondo wabaqotho ulungile,uyawenza ukuba ulingane.
8 Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova,sikuhlalele.Umphefumulo uyalangazelelaigama lakho nesikhumbuzo sakho.
9 Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
10 Uma omubi ephiwa umusa,akafundi ukulunga;ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala,angaboni ukuphakama kukaJehova.
11 Jehova, isandla sakho siphakeme,kepha kababoni;kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu,babe namahloni;yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.