9 Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
10 Uma omubi ephiwa umusa,akafundi ukulunga;ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala,angaboni ukuphakama kukaJehova.
11 Jehova, isandla sakho siphakeme,kepha kababoni;kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu,babe namahloni;yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
12 Jehova, uyakusimisela ukuthula;ngokuba nayo yonke imisebenzi yethusenzelwe yona nguwe.
13 Jehova Nkulunkulu wethu,amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile,kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.
14 Abafileyo ababuyi baphile,izithunzi azibuyi zivuke;ngalokho wabahambela, wabachitha,wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.
15 Wandisa isizwe, Jehova,wandisa isizwe, wadunyiswa,wavula yonke imikhawulo yezwe.