1 Ngalolo suku uJehova uyakuhambelangenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandlauLeviyathani,* inyoka esheshayo,uLeviyathani, inyoka ethandelayo,abulale udrako* oselwandle.
2 Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo.“Hlabelelani ngaso.
3 Mina Jehova ngingumlindi waso,ngiyakusinisela njalo;funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.
4 Ukufutheka akukho kimi;sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva!Bengiyakuwasukela ngokulwa,ngiwashise kanyekanye,
5 noma abambelele emandleni amiukuba enze ukuthula nami,enzelane ukuthula nami.”