10 Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,nekhaya limukelwe,lishiyiwe njengehlane;ithole liyakuklaba khona,libuthise khona,lidle, liqede amahlamvu awo.
11 Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,kufike abesifazane,baphembe umlilo kuwo,ngokuba bangabantu abangenakuqonda;ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
12 Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.
13 Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.