5 noma abambelele emandleni amiukuba enze ukuthula nami,enzelane ukuthula nami.”
6 Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,u-Israyeli akhahlele, aqhakaze,bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
7 Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?
8 Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;wabasusa ngomoya wakhe olukhuningosuku lomoya wasempumalanga.
9 Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe,lapho enza ukuba onke amatshe e-altareavithizeke njengamatshe omcako,kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.
10 Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,nekhaya limukelwe,lishiyiwe njengehlane;ithole liyakuklaba khona,libuthise khona,lidle, liqede amahlamvu awo.
11 Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,kufike abesifazane,baphembe umlilo kuwo,ngokuba bangabantu abangenakuqonda;ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,nowababumbayo akayikuba namusa kubo.